IPhalamende laseNingizimu Afrika lineZindlu ezimbili iNdlu Yesishayamthetho Sikazwelonke (eyaziwa ngokuthi yi-NA), enamalungu angama-400, kanye noMkhandlu Kazwelonke Wezifundazwe (owaziwa ngokuthi yi-NCOP), onamalungu okungenani angama-90.
UMthethosisekelo ubalula ukuthi uMkhandlu Kazwelonke Wezifundazwe i-NCOP imele izifundazwe ukuze iqinisekise ukuthi izimfuno zezifundazwe ziyabhekelwa ohlakeni lukahulumeni kazwelonke.
Ukwenza lokhu ikakhulukazi ngokubamba iqhaza emsebenzini wokushaya imithetho kazwelonke, nangokuhlinzeka umphakathi ngenkundla kazwelonke yokuthi ubambe iqhaza ngokuthi ukhulume ngezindaba ezibalulekile ezithinta izifundazwe.
Futhi i-NCOP iqinisekisa ukuthi izimfuno zohulumeni basekhaya ziyabhekelelwa ezingeni likahulumeni kazwelonke.
Izithunywa ziholwa nguNdunankulu wesifundazwe ngasinye, ongomunye wezithunywa eziyisipesheli.
Uma kunesidingo, uNdunankulu angaqoka omunye umuntu esikhundleni sakhe.
uSihlalo, kanye . namaPhini oSihlalo amabili.
Lezi zikhulu ziphatha umsebenzi we-NCOP kanye nokwengamela izinkulumompikiswano, ziqinisekise ukuthi izithunywa zikhuluma ngokukhululeka inqobo nje uma zilandela imithetho ebekwe yiNdlu.
Kukhethwa iPhini likaSihlalo elisebenza ngokugcwele isikhathi esiyiminyaka emihlanu kanti oNdunankulu bezifundazwe bona bayashintshana ngokubangamaPhini Sihlalo azungezayo isikhathi esiwunyaka.
I-NCOP kufanele ibonakale njengesikhungo esizokwazi ukwenza ukuthi ukubusa ngokubambisana kanye nentando yeningi yokuzibandakanya kubekhona, nokuthi kube yiyona eqhakambisa ukubhekelelwa kwezimfuno zohulumeni basekhaya kanye nalezo zezifundazwe emkhakheni kazwelonke.
I-COP inikeza lokho okuyizinhloso zezifundazwe eziyisishiyagalolunye zaseNingizimu Afrika izwi kanti futhi ihlinzeka ohulumeni basemakhaya ngenkundla yokubamba iqhaza ekucubungulisiseni imithetho ezingeni likazwelonke.
Kufanele icubungule yonke iMithethosivivinywa kazwelonke.
Futhi ingahlongoza noma ilungise iMithethosivivinywa engaphansi kweSheduli 4 yoMthethosisekelo (lezo izinto lapho isishayamthetho sikazwelonke nalezo zezifundazwe zinamandla wokushaya umthetho ngokuhlanganyela) kanye neminye imithethosivivinywa ethinta izifundazwe.
Iningi lalo msebenzi wokushaya umthetho wenziwa emakomidini, kodwa yonke iMithethosivivinywa kufanele idluliselwe ekuhlaleni kwe-NCOP ukuze kukhulunywe ngayo futhi kuze kuvotelwe ukuthi lowo Mthethosivivinywa uyemukelwa noma uyachithwa yini.
IMithethosivivinywa engathinti izifundazwe yileyo ephathelene nemisebenzi kazwelonke; njengezokuvikela, izindaba zangaphandle, kanye nezobulungiswa.
Uma le Mithethosivivinywa efana nale iphasiswe yiSishayamthetho Sikazwelonke, idluliselwa e-NCOP ukuze kuvotwe.
Izibonelo zeMithethosivivinywa ethinta izifundazwe ihlanganisa ezemfundo, ezokuthutha, ezenhlalakahle, kanye nezempilo.
Iningi lale Mithethosivivinywa ingethulwa e-NCOP yinoma iyiphi yalezi Zindlu; kodwa kuneminye iMithethosivivinywa okufanele ukuthi iqale eSishayamthetho Sikazwelonke.
Uma kunokungavumelani phakathi kwe-NA ne-NCOP ngoMthethosivivinywa othinta izifundazwe, lowo Mthethosivivinywa kufanele uthunyelwe eKomidini Lokulamula.
Uma uMthethosivivinywa ochibiyela noma oshintsha uMthethosisekelo uthinta izifundazwe ngqo, okungenani izifundazwe eziyisithupha kulezo eziyisishiyagalolunye e-NCOP kufanele zivumelane ngawo.
Uma uMthethosivivinywa ochibiyela uMthethosisekelo ungathinti izifundazwe ngqo, uMthethosisekelo ubalula ukuthi i-NCOP ibenenkulumompikiswano ngalowo Mthethosivivinywa (ngaphandle kokuthi kuvotwe) ngaphambi kokuthi usiwe e-NA ukuze uyovotelwa.
Ukuqapha okwenziwa uhulumeni umsebenzi wePhalamende ogunyazwe uMthethosisekelo kuhlanganisa neZishayamthetho Zezifundazwe ukubheka kanye nokubeka iso izenzo zikahulumeni.
I-NCOP yenza umsebenzi wokuqapha izinto zikazwelonke ezivela ezifundazweni nakohulumeni basekhaya.
I-NCOP ingacela ilungu leKhabinethi, isikhulu sikahulumeni kazwelonke noma sikahulumeni wesifundazwe ukuhambela umhlangano wayo noma wekomidi loMkhandlu.
I-NCOP noma enye yamakomidi ayo angemukela amaphethishini, izethulo noma izincwadi zezethulo eziqhamuka kunoma ngobani noma izikhungo ezinentshisekelo.
Futhi i-NCOP ihambela imiphakathi ngenhloso yokuhlola okwenziwa uhulumeni ukuqinisekisa ukuthi ithola ulwazi ngezidingo nezinselelo abantu ababhekene nazo.
Ikomidi ngalinye libheka umsebenzi womnyango ngamunye kahulumeni. Futhi ikomidi licubungula lize lichibiyele iMIthethosivivinywa, futhi ligqugquzela izithangama zomphakathi uma ngabe kunodaba olukhulu umphakathi onentshisekelo ngalo.
Amakomidi angabiza noma ubani ukuthi azonikeza ubufakazi noma aveze amadokodo, futhi angacela noma yimuphi umuntu noma isikhungo ukuthi sizobika kuwo ngokuthile.
Izithunywa zesifundazwe ngasinye sinevoti elilodwa elifakwa yilowo ohola ithimba lesifundazwe egameni lesifundazwe.
Amalungu omphakathi angabamba iqhaza elibonakalayo ekuqapheni okwenziwa uhulumeni ukuqinisekisa ukuthi uhulumeni uyaphendula ngakwenzile kubantu ngokulandela izidingo zabo.
Ukwethulela ikomidi lePhalamende izimvo zakho ngenye yezindlela zokwenza izwi lakho lizwakale ePhalamende.
Ngokwenza isethulo, unethuba lokufaka umbono wakho kumalungu ekomidi ngesikhathi ebonisana futhi ecubungula umthetho othile ngaphambi kokuthi kuqedwe ngawo.
Iphethishini yindlela yokuvezela iPhalamende izikhalazo noma udaba olukhathaza umphakathi ukuze lithathe izinyathelo ngokusemandleni alo.
Ilungelo lokwenzela iPhalamende iphethishini yilungelo lazo zonke izakhamuzi zakuleli lizwe futhi lihlinzekwe nguMthethosisekelo wethu.
Noma ngubani, noma amaqoqo abantu noma yiphi inhlangano inelungelo lokwenzela iPhalamende iphethishini.
Amalungu omphakathi angaxhumana naMalungu EPhalamende emahhovisi ezigceme akhona kulonke izwe noma ePhalamende uma ufuna ukuthi bakuxhase uma unodaba olushisayo othanda ukuthi lukhulunywe noma uma udinga usizo ngenkinga ethile.
